Ukuba umethuli wezinhlelo kumabonakude nokuba umlingisi ilona iphupho lami elikhulu.

Ukuba umethuli wezinhlelo kumabonakude nokuba umlingisi ilona iphupho lami elikhulu.
igama lami ngingu ANDISWA MSANI ngingowase Mzinto South Coast endaweni ebizwa ngokuthi ikeMALANGEN.
ngineminyaka eyi 19kulonyaka ngihlela ukuthuthukisa ulwazi lwami kuwo lomkhakha kamabonakude .
nakuba bengingakayitholi indawo enkulu,ngiyaye ngivezwe njengomunye wabalingisi abengeziwe emdlalweni yase stained
glass TV nokuyi Durban Gen kanye noZalo.
ngingaphansi kwenkampani efunela abalingisi imidlalo IMIZAN CASTING AGENCY neseyingisize ngahlangana nabantu
ebengingakaze ngizitshele ukuthi ngingahlangana nabo.
Phakathi kwabantu abantu engibukela kubo singabala UMAMA ULELETI KHUMALO nosemkantshubomvu kwezokulingisa.
kanti phakathi kosaziwayo abasakhula ngigqugquzelwa u Thuthuka Mthembu oqhubekayo nokuzenzela igama kwezikamabonakude,nobuye ngikuthole njalo ukuthi ngifana naye.